Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane uthi wachazeka kudala ngomgadli omusha uCaleb-Bonfils Bimenyimana yize wayengafuni ukusheshe amsayinise ngobe wayesazohlola nabanye abagadli.

UBimenyimana (24) ujoyine iGlamour Boys maphakathi neviki, wasayina inkontileka yeminyaka emibili, enombandela wokwelulwa ngomunye unyaka.

Lomgadli uzoqala ukudlala uma sekulungiswe wonke amaphepha okusebenza aqondene naye.

UZwane ubuzwe ngalomdlali sekuphele umdlalo weRichards Bay, abawunqobe ngo 1-0.

Uthe ubengafuni ukujaha ukusayinisa uBimenyimana.

“UCaleb sihlalile naye amasonto amathathu, sachazeka ngaye. Besingafuni ukujaha sisayinise ngoba besisabheka abanye abadlali. Besibalekela isimo sokuvala izikhala ngokushesha ngoba bekuzobukeka sengathi singaphansi kwengcindezi.

Besingenaye umgadli oqinile namuhla. Kodwa siyingozi noma kunjalo, abadlali kufanele bakulindele ukudlala kwezinye izindawo ngoba kuzokwenzeka umgadli akhishwe ngekhadi elibomvu.

Kufanele kwenzeke ushintsho uma umgadli ebhacaza emdlalweni. Sezaphela lezonsuku, abagadli abathathu sebephoqelekile ukuthi badlale ebhokisini, omunye engadlala ngokujumisa phambili.

Abadlali bakhombise ukuvuthwa namuhla. Ngiyaziqhenya ngabo. UCaleb uzosisiza kakhulu kulesizini. Uyinhlobo yomgadli esimfunayo, uyakwazi nokudlala endaweni edinga umuntu okhanda amagoli.

Yingakho besilindile ukuze sizoba nesiqinisekiso sokuthi ungumdlali osilungele. Ngikholwa ukuthi ungumdlali osezingeni,” kubeka lomqeqeshi.