Kugxekwe nxa zonke ezinkundleni zokuxhumana ukubulawa komfana oneminyaka emihlanu okwenzeke ngesikhathi kudunwa imoto kayise iToyota Hilux ngoLwesihlanu eSoshanguve, eGauteng.

Ngokombiko wamaphoyisa, umfana ubephume ezobingelela ubaba wakhe obefika endlini ngezithuba zabo-22.30 ebusuku ngesikhathi edutshulwa.

“Abasolwa abebehlomile abayisibalo esingakaqinisekiswa badune iveni elimhlophe leToyota, dabula umfana oneminyaka emihlanu oshenele esibhedlela,” kusho okhulumela amaphoyisa  uLt-Col Mavela Masondo

Lolu daba lungene ematheni ezinkundleni zokuxhumana uGift Makoti ebhala ngalo ku-X.

“Umzala wami uphucwe imoto emahorewni ambalwa edule eSoshanguve block U. Ubenendodadana yakhe eneminyaka emihlanu, bayidubula! Ayisindanga! Lelizwe seliphenduke layini!? Ingane le!”