IFrench Football Federation (FFF) igxeke ukucwaswa kwabadlali beFrance ngokwebala ngemuva kokudliwa kwayo kowamanqamu weWorld Cup ibhekene ne-Argentina ngeSonto.
NgoMsombuluko kusabalale imibiko yokuthi abadlali okubalwa kubo uKingsley Coman no-Aurelien Tchoumeni bacwase ngokwebala ngemuva kokugeja ama-penalty abo kowamanqamu. No-Kolo Muani, obe nomdlalo omuhle esuka ebhentshini, naye kuthiwa kukhona abamthumele imibhalo ecwasayo.
“Ngemuva komdlalo wamanqamu, kunabadlali bethu abacwaswe ngokwebala, futhi bathunyelwa nemiyalezo enenzondo. Siyakugxeka lokhu futhi sizofaka izikhalazo ukuze kuphenywe ababhale lezi zinto,” kusho i-FFF esitatimendeni.
NgoMsombuluko iBayern nayo ikugxekile ukucwaswa ngokwebala komdlali wayo uComan.
Khonamanjalo, akukacaci ngesikhunda sikaDidier Deschamps okuthiwa sigaqelwe wuZinadine Zidane. Lo mqeqeshi kuthiwa uzimisele ngokuqhubeka nomsebenzi, kodwa i-FFF kungenzeka ifune ukwenza izinguquko.