Umqeqeshi weKaizer Chiefs uMolefi Ntseki uthi kugcine kuphumelele amaqhinga eCape Town City okupaka ibhasi beshaywa ngo 1-0 eFNB Stadium izolo ebusuku. 

Bekuwumdlalo wesine kwiDSTV Premiership iChiefs ibhaxabulwa kulesizini. 

Igoli leCity lingqofelwe enethini uKhanyisa Mayo ngomzuzu ka-58.

UNtseki uthi kuyamhlula ukuchaza ngokugqoza kwamagoli kwazise umdlalo bebewuphethe enkabeni yesisu. 

Usole iCity ngokupaka ibhasi, wathi ibidlalela iphuzu elilodwa. 

“Kunzima ukuchaza ngomphumela, iCity ibizodlalela iphuzu elilodwa. Ipake ibhasi zisuka. 

“Ubunzima esibhekane nabo ukunyusa abadlali basesiswini, bengene ezindaweni zokushaya amagoli. 

“Sidlalele enkabeni yethu, ibhola besiligcina ezindaweni ezingafanele. Yingakho besingakwazi ukubafakela ingcindezi, ikakhulukazi uma ubheka amathuba esiwakhandile,” kuchaza lomqeqeshi ecashunwa abeSupersport TV.

UNtseki uncome iCity ngokumelana nesivinini sabagadli beChiefs. 

“Bebekulindele ukuthi sinabadlali abanesivinini, yingakho bengasivulelanga izikhala. Izitobha zabo bezipakile emuva. 

Bekufanele sisebenzise izikhala eziphambi kwezitobha kodwa abadlali bethu bebefika kamuva. Ibhola silidlale kakhulu esiswini, sahluleka ukufika ebhokisini labo ukuze sizokhanda amathuba,” kubeka uNtseki.

Lomqeqeshi uphinde wakhala ngokulahlekelwa uGeorge Matlou noBrandon Petersen abalimale ngaphambi komdlalo.

“Silahlekelwe abadlali ababili, kwafuneka sishintshe uhlelo lokudlala. Sizinikelile kodwa sihlulekile ukusebenzisa amathuba esiwakhandile,” kusho lomqeqeshi.