IMamelodi Sundowns izoqhubeka nokuyikha ngamafosholo imali njengoba isimemezele izindaba zokuxhaswa yiRed Bull, edume umhlaba wonke.

Ngokwesitatimende seSundowns, lolu xhaso luhlelwe yiRoc Nation Sports International, okuyinkampani yomrepha uJay Z, enobudlelwano neDowns.

“Wonke umuntu kwiMamelodi Sundowns uyaziqhenya ngokuthi inkampani eyaziwa umhlaba wonke njengeRed Bull ikhethe ukusebenzisana neqembu lethu lebhola. Lobu budlelwano bukhomba ngokusobala ukuthuthuka kwebhola nabalandeli bethu, osekusilandela abanye abaxhasi,” kusho usihlalo weSundowns uTlhopie Motsepe.