Omunye wabadlali beKaizer Chiefs usezwakalaise ukuphoxeka ngendlela okutshelwe ngayo umgadli waseBurundi uBonfils-Caleb Bimenyimana ukuthi akadingeki ePhefeni ngesizini ezayo.

Ngokombiko weFarPost uZwane utshele lo mdlali kwezikabhoqo phambi kwabanye abadlali ukuthi uma kuphela isizini usengabona afika ngayo.

“Iyaphoxa indlela umqeqeshi atshele ngayo uCaleb ukuthi uyahamba uma kuphela isizni. Uma kunjalo umdlali umbizela eceleni, ehhovisi, umchazele ngesinqumo sakho ngasese,” kusho lo mdlali ongadalulwanga.

“Ngesizini edlule umqeqeshi wayebuye atshele abezindaba ukuthi abanye bethu akubafanele ukudlalela iChiefs, nokuthi baningi abazodedelwa. Leyonto iyasithikameza njengabadlali. Kumele asivikele.

“Ngiyacabanga ukuthi kuzomphazamisa uCaleb lento.”

Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambi kokuqala kwesizini uZwane wayemanqika ngokusayinisa lo mgadli. UCaleb waze wazwakalisa ukungenami kwakhe ngendlela iChiefs esingethe udaba lokumsayinisa, eyisola ngobuhlathi, kodwa wagcina esayinile.

UZwane wakucacisa kodwa ukuthi akalona uhlobo lomgadli abalufunayo.

“Asikwazi ukuba nomgadli ozohhlala ebhokisini. Yena uyakwazi ukunyakaza nokubamba ibhola, kodwa kunezinye izinto esizifunayo.

“Uma singamthola umgadli ongcono kunaye sizozama ukumsayinisa, kodwa njengamanje akekho ongcono, sisabheka.”