Isikhulu se-Inter Milan, uBeppe Marotta, sesikuqinisekisile ukuthi iManchester United isizwakalise isifiso sokusayinisa unozinti u-Andre Onana.
U-Onana washaya into ecokeme i-Inter ibhekene neManchester City kowamanqamu we-UEFA Champions League, okwenza afanwe amaqembu amakhulu e-Europe. IRed Devils, ephekwa ngowayengumqeqeshi ka-Onana kwi-Ajax, ibukeka ihamba phambili.
“IManchester United izimisele ngayo, kodwa kumele ibeke okuthile etafuleni ezinsukwini ezilandelayo ukuze sibone ukuthi izimisele kangakanani,” kusho uMarrotta ebuzwa ngekusasa lika-Onana kwi-Inter.
“Manchester United expressed a particular interest, but that needs to blossom into making a proposal over the next few days,” the chief executive said when asked about Onana’s future at Inter.
Ngeledlule i-United isayinise umdlalo wayo wokuqala kuleli windi, uMason Mount, noma engakamenyezelwpa njengomdlali omusha weqembu kodwa konke sekuphothuliwe.
Unozinti omusha ubengekho ezidingweni eziphuthumayo kwi-United njengoba uDavid De Gea enqobe iGolden Glove ngesizini edlule. Okujike izinto ukuvela kwamaqembu aseSaudi Arabia angathanda ukusayinisa uDe Gea, nokwenza lo mdlali ahudule izinyawo uma kudingidwa eyokwelula inkontileka yakhe kwi-United.
Uma igcina imthola u-Onana i-United lindela ukuthi idlale ngendlela ehlukile uma isisa ibhola emuva ngesizini ezayo.