Inhlangano yamaphoyisa, iSouth African Policing Union (SAPU) ifuna kuthathwe njengecala lokuvukela umbuso ukubulala iphoyisa kuleli ngenxa yokwanda kwesibalo samaphoyisa abalawayo eNingizimu Afrika.
Lokhu kuvezwe wunobhala weSAPU eGauteng, uJabu Mabaso, engxoxweni neNewzroom Afrika ngesihlava sokubulawa kwamaphoyisa kuleli.
Ngonyaka odlule kubulawe amaphoyisa awu-31 kuleli phakathi kwenyanga ka-April no-June. ISAPU isiveze ukuthi siyakhuphuka isibalo samaphoyisa abulawayo ngonyaka kuleli.
“Ukubulawa kwamaphoyisa kuleli kuyanda, uma ulandela ama-stats nje uyabona ukuthi eminyakeni edlule siyanda isibalo samaphoyisa abulawayo kunokwehla ngoba kunabantu abangayihloniphi ingalo yomthetho,” kusho uMabaso.
“Sifuna kubizwe ngokuvukela umbuso ukubulala iphoyisa ngoba ukuhlasela iphoyisa kuyafana nokuhlasela umbuso. Amaphoyisa awumbuso. Uma abantu bebulala amaphoyisa kungathathelwa phezulu, kudala ukuthi lo mkhuba uqhubeke. Amaphoyisa ahlaselwa kuyo yonke indawo manje. Ahlalselwa emakubo, ahlaselwa nasemsebenzini.”