Umqeqeshi waMaZulu uBrandon Truter uthi izikhulu zeqembu nabadlali sebeqala ukukholelwa ekutheni iqembu lingakwazi ukulwela zonke izindebe ezikhona kulesizini.

UTruter ubekhuluma ngemuva komdlalo we-quarterfinal yeMTN 8 beshaya iCape Town City ngo 2-1 e-Athlone Stadium ngoMgqibelo.

“Bonke abadlali bayakholelwa eqenjini. Sifuna ukuqeda kwiTop 4, singene kwiChampions League siphinde silwele zonke izindebe. Siyazethemba kakhulu esikwatini ukuthi singazilwela zonke izindebe,” kubeka lomqeqeshi.

Akukho lula ukuvala igebe kwiSundowns namanye amaqembu. Bayaqhubeka no kukhombisa izinga labo, kuzomele sithathe umdlalo ngamunye,” kubeka lomqeqeshi.

AmaZulu anqobe nge-extra time ngegoli elishaywe uLehlohonolo Majoro. UTruter uthi AmaZulu abefuna ukunqoba ngenkani kulomdlalo.

“Kunzima ukudlala eKapa, ubhekene neCape Town City. Besikwazi esikulindele. Besilindele ukubona iCape Town City iphatha umdlalo.

Bekufanele siwine uma ubheka umphumela wangoLwesithathu. Ngijabule kakhulu ngabadlali, bebefuna ukuwina namuhla.

Sikwazile ukushaya igoli kuqala, sangenelwa yigoli esikhathini esibucayi. Bekufanele siqale phansi. Ngiyabonga abadlali baqhubekile nokudlala, benze obekudingeka ukuze sibuye nomphumela namuhla.

Kunzima ukuqeda imizuzu engu-120, kubuhlungu amajaqamba, silimele futhi. Sizobuyela eThekwini siyolulama. Sesizolungiselela umdlalo olandelayo. Sikhona isikhathi esanele sokulungiselela umdlalo,” kuchaza uTruter.