Inkantolo enkulu eTshwane inikeze uPhiko lwezokuShushisa imvume yokubamba imali engaphezulu kukaR4.3 million ebhange lePiggy Farm Trading okuthiwa iyibhanoyi.

IPiggy Farm Trading izakhele udumo emnyakeni edlule ezinkundleni zokuxhumana, ikakhulukazi kwiFacebook la elandelwa abantu abangaphezulu kuka-13,000. Isebenza ngokuthembisa abantu ukuthi bangathenga ingulube eyodwa ngo-R2,750 bese bethola uR550 njalo ngenyanga izinyanga eziwu-12, okusho ukuthi umuntu ungena noR2,750, ubuye sekuwu-R6,600.

Izinkinga ziqale ngasekupheleni konyaka odlule abantu beqala bekhalaza ngokuthi isibuye ingangeni le mali, abanye bethi abakaze bathole ngisho eyenyanga yokuqala. NgoJanuary iPiggy Farm ishicilele isimemezelo ixolisa ngokubambezeleka kokukhokhelwa kwabantu.

Okhulumela uphiko lwezokushushisa, uLumka Mahanjana uthi iPiggy Farm Trading yephule umthetho weNational Consumar Protect Act. Uthi wuhlelo lokukhwabanisa imali lolu.

“IPiggy Farm Trading yinkampani yePonzi scheme (ibhanoyi), la abantu bebethenga izingulube ezifika ku-50 ngo-R2,750 ngayinye. Otshale imali uthola uR550 ngenyanga ngengulube eyodwa, ngemuva kwezinyanga eziwu-12 ingulube ibuyela ePiggy Farm Trading. Siyasamukela isinqumo senkantolo, sixwayisa nabantu ukuthi badlalele kude nama-ponzi scheme athembisa inzuzo engatholwa ngisho kumabhizinisi emali aziwayo.”

Okwamanje iPiggy Farm ayikathi vu ngalesi sinqumo kumakhasi ayo. Sizamile nokuyithinta ocingweni kodwa inombolo yabo yasiphonsa ezihlahleni.