Inhloko yabaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi akayizwisisi kahle indaba yokuthembela kwimiphumela abayithole emidlalweni yesihle njengoba belungiselela umdlalo wokuqala wesizini kwiMTN8.
ISundowns izokwamukela iPolokwane City eLucas Moripe Stadium ngeSonto.
Yize iDowns ithathwa njengezimfivilithi, uMngqithi akafuni ukuyibukela phansi iRise and Shine eyakwazi ukubuya nephuzu ivakashe eLoftus Versfeld ngesizini edlule.
IDowns ibuye nemiphumela engajabulisi ekhempini ebise-Austria yize yabhaxabula i-Al Hilal ne-Al Arabi emidlalweni yokuvalelisa.
“Angifuni ukukhuluma kakhulu ngoba isizini isaqala, kunzima ukuthola ulwazi ngamaqembu. Imidlalo yesihle ayilivezi iqiniso ngeqembu. Isuke ingekho ingcindezi emidlalweni yesihle. Kunzima ukuqagela izinto ongazilindela,” kubeka uMngqithi ecashunwa i-website yeqembu.
UMngqithi uthi ulindele ibathwalise kanzima iPolokwane.
“Ngicabanga ukuthi sizothwala kanzima kulomdlalo wethu nePolokwane. Kuyinto enkulu ukubona iqembu elifana nePolokwane City lingena kwi-Top 8. Lokhu kukhomba ukuthi iligi iqinile.
“Kuyabonakala ukuthi imidlalo iyashuba kwiligi. Iqembu elisuka kuNFD (Motsepe Foundation Championship) selikwazi ukushaya into ecokeme ngesizini yokuqala lingene kuPSL.
“Ngikholwa ukuthi umqeqeshi (Phuti Mohafe) uyawazi umsebenzi wakhe. Ngiyawazi amaqhinga akhe ngoba sengike ngabhekana naye amahlandla ambalwa. Lomdlalo uzomangaza kakhulu ngoba sinomlando wokuthwala kanzima kulomqhudelwano,” kusho uMngqithi.
ISundowns yahlulwa yi-Orlando Pirates kowamanqamu weWafa Wafa nyakenye. IBucs iyona eyakhipha iSundowns kwi-semifinal yeMTN8 nangesizini ka-2022/23.