Kubikwa ukuthi iReal Madrid ihlela ukusayinisa uDavid De Gea ukuze ivale isikhala sikaThibaut Courtois ozohlala isizini yonke engalithinti ngenxa yokulimala.

IMadrid igqemeke engeqiwa ntwala ngokulimala kukaCourtois njengoba iqala iLaLiga namhlanje. ILos Blancos imemezele izindaba zokulimala kukaCourtois izolo ezinkundleni zokuxhumana.

Kuvela igama likaDe Gea nje, lo mdlali ushiye iMan United ekupheleni kwesizini edlule. UDe Gea, odabuka eSpain, uzalelwe eMadrid. Noma wazakhela igama kwi-Atletico Madrid ngaphambi kokudlalela iRed Devils, kuyobe kungaqali ngaye ukujoyina iReal ne-Atletic. Kuzokhumbuleka ukuthi iReal Madrid yathenga uCourtois kwi-Atletico, okwamqhatha nabalandeli bayo kodwa ngokuhamba kwesikhathi badlula kukho.

Omunye unozinti iMadrid engase izame ukumsayinisa uDavid Raya weBrentford, kodwa okwenza uDe Gea ahambe phambili wukuthi izomthola mahhala.