Ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2022/2023, iKaizer Chiefs yayithungatha umgadli, abanye ibahlola eNaturena kulandela ukudedela uSamir Nurkovic, Lazorous Kambolo noLeonardo Castro.

Kubagadli eyayibahlola kwakubalwa noCaleb Bimenyimana. Ngo-August 9 2022 lo mgadli waveza ukuthi wachitha amasonto amathathu eziqeqesha neChiefs ehlolwa abaqeqeshi bayo, kodwa wanganikezwa inkontileka, kunalokho iChiefs yamcela ukuthi aphinde abuye on trial, washaya phansi ngonyawo wathi ngeke akwenze lokho. Ilapho okwavela khona udaba esola iChiefs ngokungabi-professional. Waze watshela iKickOff ukuthi akasazimisele ngokuzama inhlanhla kumanye amaqembu agijima kwiPSL njengoba kwavela nokuthi iSuperSport United yayizimisele ngokumbheka nayo.

Emdlalweni wokuqala wesizini iChiefs yadliwa ngo 1-0, kowesibili yashaya iMaritzburg United eyayizibozela ngo 3-0. Ngemuva kwalowo mdlalo, yabhuquziswa yiMamelodi Sundowns ngo 4-0 ngo-13 August. Ngo-18 August yamemezela uBimenyimana njengomgadli wayo omusha.

NgoMgqibelo odlule iChiefs iphinde yashaywa ngo 4-0 idlala naMaZulu. Kuphele usuku lwayizolo isimataniswa nomgadli wase-DRC okuthiwa kuzophela leli sonto esesayinile 🤔.

IChiefs idliswa ukungahleleki. Yiqembu elinjani elixosha abagadli lingakahleli ukuthi lizosayinisa ba ukuvala izikhala zabo?

Uma sikhuluma iqiniso nje, ngisho esewavalelile amagoli ayisikhombisa kule sizini uBimenyimana, ayikho lento yakhe. Akuyena umgadli okufanele ngabe udlalela iqembu elikhulu njengeChiefs. Umgadli onjani omude ongakwazi ukusebenzisa ikhanda? Ngisho kuma-corner ubude bakhe abusizi ngalutho njengoba kuvelile ngempelasonto beshaywa Usuthu ngo 4-0.

Njengamanje isimataniswa nomgadli ogijima eZambia (noLazarous Kambole bamlanda khona), oshaye amagoli awu-19 ngesizini edlule. IChiefs ibihlulwa yini ukuvivinya lo mgadli kuphela isizini edlule?

Uma iChiefs iqhubeka nokwenza kanje, angiyiboni inqoba isicoco seligi emnyakeni eyishumi ezayo. Kumele ishintshe ukwenza.

Umbono weGibela Sport. Nawe ungasithumela umbono wakho ku-gibelasport@gmail.com