Idide abaningi iKaizer Chiefs imemezela uMolefi Ntseki njengomqeqeshi omusha weqembu, ngaphandle kokucacisa ukuthi kuzokwenzekani ngo-Arthur Zwane.
Abalandeli beChiefs bebelindele ukuthi kumenyezelwe umqeqeshi waseTunisia, uNasreddine Nabi njengomqeqeshi omusha weqembu kodwa kwangahamba ngokwezifiso zabo.
Abanye bebelindele ukuthi kuqiniswe abaqeqeshi abeseka uZwane kulandela umsebenzi ‘wokwakha’ awuqale ngesizini edlule.