Umqeqeshi weMaritzburg United uJohn Maduka uthi ufuna bayibambe ezindaweni ebuthaka kuzona i-Orlando Pirates abazotholana nayo emdlalweni weDSTV Premiership namuhla.
UMaduka uthi ufuna bawuhloniphe lomdlalo, bayidlalise ngaphandle kokusaba.
“Sidlalela ukuwina. Akusikho ngoba sidlala ne-Orlando Pirates. Kufanele siyihloniphe yonke imidlalo, sizimisele, sihlasele, siphinde simake kahle ngoba sizodlala neqembu elifaka ukushisa.
Bayahlasela zibekwa esiwombeni sokuqala. Kufanele sikwazi ukumelana nokuhlasela kwePirates, siyazazi izindawo ababuthaka kuzona. Kumele sigadle lapho,” kubeka lomqeqeshi.