IBrighton & Hove isimemezele ukuthi uyahamba umqeqeshi uRoberto De Zerbi ngomuva komdlalo wabo wokugcina wesizini ongeSonto.
Leli qembu okwakugijima kulo uPercy Tau limemezele lezi zindaba ngesitatimende esiphanyeke kwi-website ngoMqgibelo ntambama.
“Singakuqinisekisa ukuthi umqeqeshi uRoberto De Zerbi uzoshiya ngemuva komdlalo wakusasa neManchester United okungowokugcina kule sizini.”
Okwamanje akucaci ukuthi uyaphi lo mqeqeshi kodwa uke wakhonjwa kwiBayern Munich muva nje.
Usihlalo weBrighton uTony Bloom ubonge uDe Zerbi ngamasizini amabili amahle ababe nawo naye.
“Umsebenzi awenzile usifake kumqhudelwano wase-Europe okokuqala emlandweni weqembu.
“Sivumemelene ngokunqamula inkontileka kaRoberto njengamanje ukuze sizothola isikhathi esanele ukulungiselela isizini entsha, nokuthi naye athole ithuba lokucabanga kahle ngekusasa lakhe.”
Izindaba zakamuva zibeka ngokusobala ukuthi kunamaqembu akhuluma nalo mqeqeshi, kuyobe uselinde ukukhetha phakathi kwawo ukuthi uzoya kuphi.