Umqeqeshi we-Inter Milan ongaphansi kwengcindezi njengoba iqembu liphikwa yimphumela kule sizini kwiSerie A, uFilippo Inzaghi, uthi ezakhe zingayiginqa iBarcelona namhlanje koweChampions League. I-Inter izobhekana neBarcelona okwesi-11 namhlanje emlandweni we-UCL. Isanqobe kanye, yashaywa izikhawu eziyisithupha.

U-Inzaghi akanandaba nalo mlando nokuthi bathwele kanzima kule sizini ngoba ubona ezakhe zingayishaya iBarca namuhla.

“Bayiqembu eliqinile futhi eliphelele. Ngingababala kumaqembu amathathu ahamba phambili ngebhola abalidlalayo e-Europe njengamanje.

“Siyaqonda ukuthi ubaluleke kangakanani lo mdlalo. Badlala ngomfutho, bayashesha ukuwina ibhola uma beqeda ukulilahla futhi bayazi ukuthi benzeni ngalo. Sebephethe noLewandowski manje owumgadli osezingeni eliphezulu.”

“Siyazi kodwa ukuthi siyakwazi ukumelana nezimo ezinzima. Ngokubona kwami sidlale kahle ngoMgqibelo (bedliwa yiRoma), bekufanele sinqobe noma umdlalo uphele nge-draw. Yasijezisa iBayern siyeka amathuba, kulokhu ngilindele lukhulu kubadlali bami,” usho kanje.