Kungase kuphele leli sonto isinomqeqeshi omusha iGolden Arrows njengoba kuvela ukuthi ihlela ukubuyisa uSteve Komphela.
I-Arrows ibhekene nenkinga yesibhaxu kulezi nsuku njengoba ishaywa ngapha nangapha. Isishaywe imidlalo ewu-11 kulandelana kule sizini, okuyirekhodi elimphula umoya uKhenyeza njengoba ekhala ngokuthi lidlala kahle iqembu lakhe.
Emdlalweni wokugcina bashaywe yiKaizer Chiefs ngo 1-0 kodwa kucacele ngisho ingane encane ukuthi bebewuphethe umdlalo esiwombeni sesibili.
Imphumela yakamuva isuse i-Arrows kwitop 8 yayoyibeka kunombolo 12 kwilog. UKomphela uzobe engaqali ukupheka Abafana Bes’thende. Uqeqeshe kwi-Arrows kusukela ngoDecember 2018 kwaze kwaba wu-October 2020. Ushiye leli qembu eseyojoyina ithimba labaqeqeshi beMamelodi Sundowns.
Kulindekele ukuthi kushaye iSonto esenikeziwe umsebenzi uKomphela ngokombiko weSABC Sport.