Isiphinde yabuya imibiko ematanisa omunye wabadlali beMamelodi Sundowns nezinkunzi zase-Afrika, i-Al Ahly, kodwa kuzoba nzima ukuthi ithole lo mdlali.
Ngokwemibiko yakamuva kuvela ukuthi i-Al Ahly isazimisele ngokuzama ukusayinisa inkunzi yasesiswini uTeboho Mokoena owashaya into ephezulu edlala kwi-Africa Cup of Nations ngasekuqaleni kwalo nyaka.
Okuvelayo manje wukuthi i-Al Ahly ayikaziqali izingxoxo neSundowns ngokusayinisa lo mdlali kodwa uma ike yezwa ukuthi engathanda ukuya eGibhithe, izoziqala izingxoxo.
Umthombo osondelene ne-Al Ahly wazise intatheli yezindaba zebhola e-Africa uMicky Jnr ukuthi kuzoba nzima ukuqala izingxoxo neSundowns ngoba baqhudelana nayo e-Africa.
Ngemuva kwe-Africa Cup of Nations imenenja kaMokoena uGlyn Binkin yayichitha imibiko ethi lo mdlali uzojoyina elinye iqembu kodwa waqinisekisa ukuthi akhona amaqembu asezwakalise ukumfuna.
“Akhona amaqembu amfunayo kodwa unenkontileka kwiSundowns ephela ngoJune 2026. Iqembu elifuna uMokoena kumele likhulume neSundowns.”