I-agent kaManqoba Mngithi ithi lo mqeqeshi usazohlala kwiMamelodi Sundowns nangesizini ezayo njengoba esasalelwe wunyaka kwinkontileka yakhe.

UMike Makaab uveze lokhu kulandela ukusabalala kwemibiko eveza ukuthi uyashiya kwiSundowns uMngqithi njengoba sekuphele isizini ngoba kuphela inkontileka yakhe.

“Sengike ngakuveza lokhu phambilini, uManqoba unenkontileka ezophela ngo-30 June 2024 kwiSundowns, okusho ukuthi usazohlala enye isizini,” kusho uMakaab, ecashunywa yiSABC Sport.

“Ujabule kwiSundowns…njengamanje ngokwazi kwami uzohlala kwiSundowns nangesizini ezayo uma ingawushintshi umqondo.”

UMakaab uthi okwamanje alikho iqembu eselikhume naye ngokuqasha uMngqithi kwesokuqeqesha kwiDStv Premiership, kodwa uthi ayinuki ingosiwe njengoba kunemibiko ezinguzeyo ngekusasa lakhe.

Sekunesikhathi lo mqeqeshi ekhonjwa kuMaZulu FC.