UMmeli wabafelokazi baseMarikana, u-Advocate Dali Mpofu uthi uHulumeni usahudula izinyawo mayelana nokukhokhwa kwezimali eziqondene nesibhicongo sokubulawa kwabavukuzi eMayini iLonmin, Marikana, North West, ngonyaka ka-2012.
UMpofu uphonsela inselelo inkulumo kaNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo uNksz Thembi Nkadimeng osanda kudalula ukuthi uHulumeni usekhokhe imali engaphezulu kuka-R350 million yesinxephezelo ngokwenzeka eMarikana.
Kulesibhicongo, kwadutshulwa kwabulawa abavukuzi abangu-34 ababetelekele ukunyuselwa umholo ngo-R12 500.
Sekuphele iminyaka engu-12 bengekho ababoshelwe ukuba nesandla kulesibhicongo yize kwaqalwa nekhomishana eyayiphenya ngezigameko ezenzeka.
Kunabanye abalishumi abashona kusafufusa isiteleka, okubalwa kubo amaphoyisa, onogada nabavukuzi.
UMpofu ubeke kanje ekhuluma nabeSABC News.
“UHulumeni utshele iPhalamende ukuthi sebekhokhe imali elinganiselwa ku-R300 million. Bakhuluma into efanayo nangonyaka odlule.
“UMbuso uhlalelwe amacala alishumi okusafanele uwanxephezele. Amacala asihlupha kakhulu aqondene neSibanye noRamaphosa. Amacala eSibanye noRamaphosa athatha isikhathi, uRamaphosa akafuni ukulubhada eMarikana ngoba waqamba amanga, wathi uzofika. Akekho umuntu omnqabelayo ukuthi azifikele eMarikana,” kubeka uMpofu.
URamaphosa wayenamasheya eLonmin ngesikhathi kwenzeka lesibhicongo.
Okhulumela iBench Marks Foundation uBusi Thabane uthi namanje asikashintshi isimo sokuphila kubasebenzi baseMayini iLonmin.
“Nakuba sekuphele iminyaka engu-12, abasebenzi basaphila ngaphansi kwesimo esimgesihle. SiyiBench Marks Foundation, sihambele eWonderkop lapho kuhlala khona abasebenzi. Sizama ukuthola ukuthi isimo sishintshile yini. Kusithusile esikubonile.
“Isimo sabasebenzi asishintshile neze. Basichazelile ukuthi babekhalela ukuholelwa u-R12 500 ngo-2012. Njengamanje bacela u-R16 000. Impilo iya ngokukhuphukela ephaketheni nentela inyukile. Imali abayiholayo ayizifezi zonke izidingo zabo,” kubeka uThabane.