Umqeqeshi weTottenham Hotspur, u-Antonio Conte, usephakamise ukuthi ivalwe iVideo Assistant Referee (VAR) emdlalweni yePremier League ngoba bayahluleka ukuyisebenzisa onompempe.
UConte ubeke lo mbono kulandela ukubambana ngo 1-1 neWest Ham kumdlalo unondweba afika abanika kuwo iphenathi, wabizwa yiVAR yathi akabukisise, wabuye wasiguqula isinqumo sakhe. Abantu abaningi ababebuka umdlalo nokho babona iSpurs sifanelwe ukunikezwa iphenathi.
Lo mqeqeshi uthi inkinga ngeVAR kwiPremier League ukuthi onompempe bathatha izinqumo ezibuye zishayisane, nokuthi i-offside akusacaci ukuthi ibizwa uma kwenzenjani.
“Ngijke ngibone izimo eziningi ezifanayo iVAR ithi onside, komunye ibuye ithi offside…”
“Ngicabanga ukuthi e-England kungangcono uma singayeka ukusebenzisa iVAR ngoba uma ubuka, abaqeqeshi, abadlali kanye nabalandeli bayakwazi ukwamukela iphutha elenziwa umuntu enkundleni. Uma kune-TV eveza okwenzekile, akukwazi ukuba yiphutha. Bayangiphoxa abantu ababheka okwenzeke enkundleni nge-video ngoba banesikhathi sonke ukukhipha isinqumo esingelona iphutha. Kumele baqale phansi bafunde (imthetho yebhola). Baningi abanye abaqeqeshi esengikhulume nabo abanganeme ngalesi simo,” kuphetha uConte.