Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane uthi akathukile ngomsebenzi wakhe ngoba ukuxoshwa kwabaqeqeshi kuyenzeka nakulabo abahlonishwayo emhlabeni jikelele.

Imiphumela iyabhimba kwiGlamour Boys selokhu kuqale isizini. IChiefs ihleli ngesinqe esisodwa kunombolo 14 kwiligi, okuyindawo elengela ezembeni.

“Angikhathzekile ngokuxoshwa. Lokho kuyingxenye yomsebenzi, izinto ezenzekalayo ngisho kubaqeqeshi abahlonishwayo emhlabeni.

Ngangishilo ngesikhathi ngibekwa ukuthi ziyeza izinsuku ezinzima, lapho kuzogqoza khona imiphumela, kucasuke abalandeli. Lokho akuchazi ukuthi kufanele silahlele ithawula,” kubeka uZwane ekhuluma nabezindaba eNaturena izolo.

UZwane uthi abalandeli bathuswe ubala ngoba iqembu lisaqhubeka nokudlala ngendlela ayifunayo.

“Sizoqhubeka nokudlala ibhola esilijwayele, sihamba ngendlela esiyihlelile. Kunzima ngoba imiphumela iyaphika, kodwa siyazazi izifiso esifuna ukuzifeza. Siyayazi izindawo okufanele sihlale kuyo,” kubeka uZwane.