Umdlali weMamelodi Sundowns uMosa Lebusa uthi akazange akufake emqondweni wakhe ukuthi kungenzeka ashiye kuleliqembu ngesikhathi eqiwa yijezi ngesizini edlule. 

ULebusa ubexinwa ukulimala, okwenze walahlekelwa yindawo nakwiBafana Bafana. 

Lomdlali ubevale kwasani emuva emdlalweni we-African Football League beshaya iWydad Casablanca ngo 2-0 eLoftus Versfeld. 

“Kwakukhona amahebezi okuthi ngizoshiya eqenjini. Umqeqeshi wangihlalisa phansi, wangitshela ukuthi ngibalulekile ezinhlelweni zakhe. Wangibonisa ukuthi kudingeka ngizikhandle ejimini. 

Wangichazela ukuthi angizikhandle uma kwenzeka ngithola ithuba lokudlala. Besijabule kakhulu ngoMgqibelo ngoba sisebenze kanzima kwimizuliswano edlule. 

Besikhumbula nokuthi leliqembu lasihlula kwiChampions League ngesizini edlule, sibukelwa abalandeli bethu. Bekufanele siqinisekise ukuthi abakuphindi lokho,” kubeka uLebusa ekhuluma nabezindaba. 

ULebusa (31) uthi sebegaqele ukunqoba isicoco seCAF Champions League kulesizini njengoba sebeqedile nge-AFL. 

“Kuyisiko ukunqoba kuleliqembu, nami sengikujwayele lokho. Angikaze ngiyinqobe iChampions League, ngiyafisa ukuba nomuzwa wokuyinqoba,” kuchaza uLebusa. 

IDowns ayikaze ingenelwe yigoli ePitoli yize umqeqeshi uRulani Mokwena esebenzise izitobha ezahlukene emidlalweni eyisithupha ye-AFL. 

“Sijwayelene kakhulu siyizitobha. Bekudlala izitobha ezahlukene kulomqhudelwano, ngisho nasemdlalweni wamanqamu. 

Siyawazi umsebenzi okufanele siwenze noma singahlala isikhathi eside ebhentshini. Abagadli babukela kwizitobha uma kuhlaselwa iqembu. Abadlali bavuthiwe emqondweni,” kubeka lomdlali.