Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane ubongele umgadli wakhe, u-Ashley Du Preez, ngegoli elibanqobise umdlalo weDStv Premiership izolo bebhekene neChippa United eGqeberha.
IChiefs inqobe ngo 1-0 kulo mdlalo yakhuphukela kumaphuzu awu-44, isasele ngamathathu kwiSuperSport United ekunombolo 2 kwiDStv Premiership.
Ekhuluma ngemuva komdlalo uZwane uthe kwesinye isikhathi kudingeka igoli elifana nelishaywe wu-Ash kulo mdlalo ukuze babuye namaphuzu aphelele.
“Siwuqale kahle umdlalo esiwombeni sokuqala, sakha amathuba kodwa sihluleka ukuwavalela. Ekhefini ngibagqugquzelile ukuthi baqhubeke, bakhuphule umfutho ngo-10%, bakwenza lokho. Sakhe amathuba amahle namhlanje kodwa sidinge nenhlanhla futhi, sithole igoli elihle ebesilidinga.
“U-Ash usidlalela kahle kakhulu, usishayela amagoli abalulekile. Ngimjabulele ngoba kuzokhula ukuzethemba kuye. Lokho kuzosiza nabanye abadlali abasazama ukujwayela ukudlalela iChiefs. Ngibashayela ihlombe abadlali bami ngendlela abadlale ngayo namhlanje (izolo), akukho okunye ebengingakufuna kubona.”

UDu Preez usenamagoli ayisithupha nama-assist amane kwiDStv Premiership. Uma sekuhlanganiswa neminye imiqhudelwano usenamagoli awu-9 kule sizini.
Kumdlalo wayizolo uZwane ubuyise uNjabulo Ngcobo emuva. UNgcobo wagcina ukuqala umdlalo ngoNovemba nyakenye kodwa ube nomdlalo omuhle eyibambe noSiyabonga Ngezana. Omunye umdlali obe nomdlalo omuhle uReeve Frosler obe yi-man of the match ngenxa yendlela abehlasela ngayo ne-assist yakhe kwigoli elivalelwe wu-Du Preez.
Xhumana nathi: gibelasport@gmail.com