Sekuqala ukucacela ngisho ingane encane ukuthi izosiphinda isicoco seligi kule sizini iMamelodi Sundowns.

NgeSonto eledlule umqeqeshi onamava kuleli, u-Ernst Middendorp, uhalalisele Amasandawana ngokudla esinye isicoco seligi, waveza ukuthi lokhu ukusho ngoba usezibonele ukuthi iSundowns izonqoba isicoco ihamba phambili cishe ngamaphuzu awu-20. Waveza lo mbono iSundowns iqeda ukushaya iSwallows ngo 2-0, ipake ibhasi elinzima.

Okuqaphelekayo ngeSundowns wukuthi ngaphandle nje kwemali eyichithayo, abadlali bayo bayazimisela ezintweni ezithathwa kancane njengokucisha ibhola, ukuphasa, ukunyakaza ungene ezikhaleni, kanye nokuvalela amagoli. Baphekwe kahle.

Asikho isimanga esitheni kwibhola elidlalwa yiSundowns, yenza izinto ezibizwa ngama-basics ngendlela efanele, okuyinto ehlula inqwaba yamaqembu agijima kwiDStv Premiership, ngisho nalawa okuthiwa makhulu. Isheba lokhu nokuthenga uju lwabadlali, bese beqeqeshwa ngezinga elifanele. Into emangalisayo ukukuthi amanye amaqembu eDStv Premiership namanje ayahluleka ukuzama ukudlala njengayo. Ngabe inkinga ikubadlali noma kubaphathi nakubaqeqeshi? Ngisola kakhulu abadlali. Uvuma kanjani ukuba ne-passing accuracy engaphansi kuka-70% udlala esiswini? Uvuma kanjani ukuthi kuphele umdlalo ungamshayelanga unozinti welinye iqembu uwumgadli? Uvuma kanjani ukuthi kuphele umdlalo ungafakanga ngisho eyodwa icross esile udlala ophondweni?

Ngike ngibuke umdlalo weSundowns ngizibuze ukuthi abanye abadlali bamanye amaqembu bahlulwa yini ukubuka abadlali beSundowns bese bezama ukudlala njengabo. IRight back ayibuke uKhuliso Mudau, odlala esiswini akabuke uTebogo Mokoena no-Andile Jali, odlala kwi-CAM akabuke uThemba Zwane. Ngeke bafane nabo ngokwe-skill, kodwa bangafunda kubo bazame ukwenza izinto ezibenza badlalise iSundowns kangcono kunamanye amaqembu.

Indlela iSundowns edlala ngayo uyabona ukuthi konke ekwenzayo ifuna kuphethe ngegoli phambili, kusukela kwindlela ecindeza ngayo uma ilahla ibhola, kuya kwindlela abadlali bayo abakwazi ukwehlisa ngayo umoya phambili uma sebedinga ukuqaqa udonga lwasemuva basebenzise nobuhlakani babo. Abadlali bayo bayawazi umsebenzi abawuyele enkundleni.

Abanye bazothi iSundowns inqoba ngemali, kodwa ngokwami ama-basics awahlangane nemali, amaqembu ePSL kumele afunde ukudlala ibhola. UManqoba Mngithi kusaqala isizini uke wabala

Kumaqembu adlala ibhola elihle kule sizini ngingabala iSuperSport United neRichards Bay FC kuphela. Elinye elibukeka lithembisa yiGolden Arrows. IPirates ike yeza kahle kodwa kubukeka sengathi kuyiphazamisile ukuya ekhefini leFIFA World Cup.

Uma ngingena emalini, ngibuye ngizibuze ukuthi kungani abanikazi bamaqembu adlala kwiPSL bengazami ukudayisa ingxenye yeqembu ukuze kungene abatshali zimali abazokwazi ukuthatha iqembu balibeke kwelinye izinga?

Amaqembu aphesheya akuvamile ukuthi aphathwe wumndeni owodwa noma usomabhizinisi oyedwa, amanye kuke kungenelele ngisho abalandeli babe nengxenye abayiphathayo ukuze kuzongena imali. Kungani kungenzeki lokhu kumaqembu azimisele ngokunqoba izicoco uma eshoda ngemali?

Ngoba uma sikhuluma iqiniso nje kubaphathi bamaqembu, umnikazi weStellenbosch FC kuphela onemali efika kubaphathi beMamelodi Sundowns.