Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena ubalisa ngamaqembu akuPSL avele apake ibhasi bukhoma aphinde amoshe isikhathi ngamabomu uma edlala neqembu lakhe.

URulani ubekhuluma ngemuva komphumela omuhle beshaya iGolden Arrows ngo 2-1 eSugar Ray Xulu ngoMgqibelo ebusuku.

“Inkinga esibhekene nayo njengamanje ukuthi yithina kuphela esidlala ibhola elinomgqigqo. Imidlalo ijwayele ukuba nzima uma lilodwa iqembu eliqinisa umgqigqo.

Emidlalweni emine eyedlule, amaqembu abephazamisa umgqigqo, kube nzima ukudlala ibhola. Kubukeka sengathi iSundowns ayikwazi ukudlala ibhola kodwa iyona kuphela edlala ibhola ngendlela efanele,” kubeka uRulani ecashunwa abeSuperSport TV.

UMokwena ukhale ngamaqembu amosha isikhathi ngamabomu emdlalweni.

“Kukhona abamisa umdlalo, bamoshe isikhathi, basidlale kabi, bathathwe isikhathi eside uma bezophosa ibhola noma bezolikhahlela. Lokho kuphazamise umgqigqo womdlalo.

Ibhola alidlaleki kahle. Uma iqembu lipaka ibhasi, ligcwala lonke emuva, uthole abadlali abayisithupha bekulindile. Kuyenzeka ukuvalile ezindaweni ezibalulekile enkundleni, ngisho nomdlali wasophondweni emuva usuke eselindele ukumaka,” kubeka lomqeqeshi.