Amaqembu ahlonishwayo e-Europe okukhona kuwo iManchester United, Bayern Munchen, Atletico Madrid, Feyenoord neLiverpool asekubeke obala ukuthi angeke azihlanganise nomqhudelwano ohlongozwayo we-European Super League.
Lo mqhudelwano uhlongozwa yi-A22 Sports ehlela ukufaka amaqembu angu-64.
Indaba isuswe yisinqumo se-European Court of Justice (ECJ) eseLuxemborg esole i-UEFA ngokusebenzisa isikhundla sayo ngendlela engafanele ngesikhathi ivimba ukusungulwa kweSuper League. I-ECJ inqume ukuthi yayingekho emthethweni imizamo yokuvimba iSuper League
Ngemuva kwamahora ambalwa, oyisikhulu esiphezulu kwi-A22 Sports uBernd Reichart udalule izinhlelo zokusungula umqhudelwano wabesilisa ozoba namaqembu angu-64, kulandele owabesifazane onamaqembu angu-32. I-A22 ihlela ukuthi lemiqhudelwano ivale izikhala ze-UEFA Champions League neWomen’s Champions League.
IBarcelona neReal Madrid baqhubekile nokweseka lomqhudelwano kodwa amaqembu amaningi aziphikisile izinhlelo ze-A22 Sports.
“IManchester United izimisele ngokuqhubeka idlale kwimiqhudelwano ehlelwa yi-UEFA yize sekukhona isinqumo esikhishwe yiNkantolo yase-Europe ngoLwesine esidalula ukuthi iFIFA ne-UEFA baphule umthetho ngokuvimba ukusungulwa kweSuper League,” kubhalwe esitatimendeni se-UEFA.
“Asiyishintshile indawo esime kuyo. Sihlela ukuqhubeka nokudlala kwimiqhudelwano ye-UEFA. Sizozibandakanya nabe-UEFA, Premier League namanye amaqembu ukuze sizoqhubeka nokuthuthukisa ibhola lase-Europe.”
Our CEO Bernd Reichart explains why this is a historic day for football and how we can create an exciting future for #EuropeanClubFootball.#BetterForFootball pic.twitter.com/SEv59BaPAM
— A22 Sports (@A22Sports) December 21, 2023
IBayern nayo iyishaye indiva indaba yeSuper Lague, yakhala ngokuthi lomqhudelwano ulwisana namaligi ase-Europe.
“IBundesliga iyisisekelo seBayern, njengoba namanye amaligi eyisisekelo ebholeni lase-Europe. Kuyijoka lethu ukuqinisa iligi esidlala kuyo, akufuneki siyithambise. Sizoqhubeka nokweseka imiqhudelwano yebhola e-Europe ehlelwa abe-UEFA. IBayern iyawuvala umnyango weSuper League,” kubhalwe esitatimendeni seBayern.
I-Atletico ithi iSuper League ayehli kahle emaqenjini amaningi e-Europe.
“Amaqembu ebhola e-Europe awayifuni i-European Super League. Amaqembu aseGermany, France, England, Italy awayifuni iSuper League. IBarcelona neReal Madrid kuphela abakhulumela ukusungulwa kwalomqhudelwano.
“Sifuna ukuvikela ibhola lase-Europe, sivikele amaligi ebhola,” kuchaza isitatimende se-Atletico.
Elinye iqembu elithe aliyingeni eyalomqhudelwano yiReal Sociadad.
_________________________________________________________________________________
PROMOTION
Bhalisa i-account ePlaya Bets uthole ibhonasi ka-100% kwi-deposit yakho yokuqala! Ngaphezu kwalokho, uthola idoposit bonus ka-20% every week! Lapho ke uyazikhethela ukuthi iyiphi ideposit ofuna ithayiselwe ngo-20%, kanye ngesonto.
Nakhu okunye ongakuthola:
+50 Free Spins on any pragmatic slots! ⬆️
Dlala manje ngokulandela le-link: https://playabets.click/o/aJAwHa
Uma ungenayo i-account, bhalisa manje: https://playabets.click/o/aJAwHa?lpage=hKi7Ar
