Amaphoyisa adubule abulala abasolwa abayisithupha kwashaqwa nezibhamu ezinhlanu ezigamekweni ezihlukene KwaZulu-Natal ngoLwesine ekuseni.
Esigamekweni sokuqala kudutshulwe kwafa abasolwa abane abebesolwa ngamacala okubamba izimoto zemali.
Amaphoyisa atholane phezulu nalaba basolwa eCamperdown ngemuva kokulandela umkhondo okhishwe wuphenyo obelwenziwa ngabo. Ngokwesitatimende samaphoyisa ngesikhathi bezethula abakwaSidlodlo, abasolwa bavele bavulela inganono kodwa kwagcina kusele bona enkundleni. Kutholwe izibhamu ezintathu kulesi sigameko,
Kwesinye isigameko amaphoyisa angamalunga eNational Intervention Unit aqoqe ezobunhloli avalela
ekhoneni abasolwa ababili abebefunelwa amacala, okusabisa, ukuphanga kanye namanye amacala
anodlame.
Kubikwa ukuthi lababasolwa bebecashile e klaarwater, ehostela eMarianhill.Athe uma efika amaphoyisa
bavulela ngenhlamvu bebhekise kuwo okuyilapho kudubuleke ababili, Kwashaqwa nezibhamu ezimbili.
Amaphoyisa asaqhubeka nophenyo.