Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi akalilahlile ithemba lokuzibekisela indawo kwi-2026 FIFA World Cup kodwa uyavuma ukuthi akusekho ezandleni zabo.

IBafana iphoxe abaningi ihluleka ukushaya iZimbabwe izolo kumdlalo ogcine uphele ngo 0-0. Okubeke iqembu likaBroos endaweni embi wukunqoba kweBenin izolo emdlalweni wayo neRwanda, okuyibeke esicongweni kuGroup C.

Ukuze iBafana izibekisele indawo sekudingeka ishaye iRwanda ngoLwesibili bese kuwina iNigeria emdlalweni neBenin e-Uyo. Uma umdlalo weNigeria neBenin uphela zibambene, kuzodingeka iBafana inqobe ngo 3-0 ukuze idlulele phambili.

“Sesibhekene nesimo esinzima kunebesibhekene naso ngaphambi komdlalo,” kusho uBroos.

“Akuphelile kodwa, kusangenzeka. Umphumela womdlalo weNigeria neBenin ubalulekile…uma sinqoba umdlalo, sizobona kwenzekani phakathi kwabo. Ngeke kube lula, kodwa ithemba likhona. Kufanele sikholwe.”