Ukapteni we-Equatorial Guinea u-Emiliano Nsue uthi iqembu lizoziba izinkulumo zangaphandle njengoba selibalwa nezimfivilithi kwi-AFCON kulandela ukudedela isibhaxu sika 4-0 kosokhaya i-Ivory Coast.
UNsue (35) ushaye amagoli amabili kulomdlalo, amanye avalelwa uPablo Ganet noYannick Buyla.
Lomdlali usengumshayimagoli ohamba phambili kwi-AFCON ngamagoli amahlanu kwazise wadedela i-hattrick bedlala neMauritania ngesonto eledlule.
“Angeke sicabange ngokunqoba lomqhudelwano njengoba sihlule i-Ivory Coast. Ngijabule kakhulu, ukushaya amagoli amabili kufana nephupho,” kuchaza uNsue ongumdlali wokuqala oshaye amagoli amathathu emdlalweni we-AFCON eminyakeni engu-16.
I-Equatorial Guinea isidlulele esigabeni somkhumulajezi kwimiqhudelwano emithathu ye-AFCON ngaphambilini. Ukubukisa ngosokhaya kuqophe omunye umlando njengoba sekuyihlandla lesine bedlulela kweyomkhumulajezi.
IGuinea izoqhathwa nelinye lamaqembu aqede endaweni yesithathu njengoba iqhwakele kuGroup A.
UNsue, ongumdlali wasemuva kwi-Intercity edlala esigabeni sesithathu eSpain, uthi alikho iqembu abalisabayo.
“Sizozinikela ngokusemandleni emdlalweni olandelayo, asinandaba ukuthi sizobhekana naliphi iqembu. Kuzokwenzeka noma yini ngoba ibhola angeke uliqonde,” kuchaza uNsue ecashunwa abeBBC Sport.