Umlando uzoziphinda kwi-2026 FIFA World Cup kuvulwa ngomdlalo weMexico neBafana Bafana njengoba kwenzeka kwiNdebe yoMhlaba yango-2010 eyayidlalelwa eNingizimu Afrika.
IBafana iqhathwe neMexico kuGroup A kwi-draw eyenziwe eWashington namhlanje. Amanye amazwe angene kuleli qoqo yiSouth Korea, kanti izwe lokugcina lizoba phakathi kweDenmark, North Macedonia, Republic of Ireland noma iCzechia abasazodlala kwi-playoff.
Njengoba bekuGroup A kunombolo 1 no 2, iBafana Bafana izovula indebe yomhlaba neMexico, engelinye lamazwe asingethe lo mqhudelwano.
The opening match of #FIFAWorldCup 2026:
— FIFA World Cup (@FIFAWorldCup) December 5, 2025
Mexico v South Africa
Ngesikhathi iBafana ibhekene neMexico kuleli ngo 11 June ngo 2010 umdlalo waphela ngo 1-1. Nangonyaka ozayo bazobhekana ngo 11 June, kulokhu iBafana izobe ibheke ukuqoqa amaphuzu aphelele ezweni elizobe lidlala phambi kwabalandeli balo.
Njengamanje iMexico iwunombolo 15 kuma FIFA World Rankings. ISouth Korea ikunombolo 22. Kumazwe azodlala kwi-playoff uma sikhuluma iqiniso nje yiDenmark izwe eliyingozi ukudlula amanye, bese kulandela i-Ireland, kodwa akuwona amazwe iBafana okufanele iwasabe.