Umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, uthi isezandleni zabaphathi beqembu indaba kaNjabulo Blom osekuvele ukuthi uzimisele ngokushiya ePhefeni uma engakhushulelwa umholo.
Izolo imenenja yalo mdlali uRob Moore, iphumele obala yaveza ukuthi sebeyitshelile iChiefs ukuthi okunye okungamphathi kahle lo mdlali ukukhuhla ibhentshi selokhe kuqale isizini. Ebuzwa ngalolu daba ngaphambi komdlalo weDStv Premiership naMaZulu FC uZwane uthe ucela ukungayingeni.
“Ngingathanda ukugxila ekukhulumeni ngomdlalo naMaZulu. Indaba kaNjabulo Blom izolungiswa abaphathi. Thina njengabaqeqeshi sifuna ukugxila kumdlalo wangempelasonto.
“Bonke abadlali ngibaphatha kahle, sisuka kude. Ngyabathanda futhi ngibafisela okuhle kodwa, ngisho naye uNjabulo (Ngcobo) noMshini )Nkosingiphile Ngcobo.”
UBlom usadlale imidlalo emine kwemihlanu kwiChiefs kule sizini kodwa yonke uyidlale esuka ebhentshini.