Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro ukhala ngeqembu lakhe elihlulwa ukuqhubeka nefomu yemidlalo yezinkomishi uma selidlala kwiDSTV Premiership. 

URiveiro ubekhalaza sekuphele umdlalo weDSTV Premiership beshaywa omakoti iCape Town Spurs ngo 2-1 eDHL Stadium izolo. 

IBucs isiqede imidlalo emine ingakaze inqobe kwiligi. EzikaRiveiro zisaqoqe amaphuzu amabili kuphela, lathola isibhaxu kwemibili imidlalo. 

“Umdlalo wanamuhla ubuhluke kakhulu uma uqhathanisa nemidlalo edlule. Asijwayele ukungenelwa yigoli ngesikhathi esisheshayo. Sayiyekela iPolokwane City yakhanda amathuba kodwa okwanamuhla kuhluke kakhulu. Siqhubeka ngohlelo olufanayo noma sinemidlalo yezinkomishi. 

Bengingeke ngijabule noma besingawina. Kuyinkinga ukuqala umdlalo ngendlela esenze ngayo. Ngibona sikwazile ukukhanda amathuba amagoli, besingabuya nephuzu elilodwa. 

Ibhola liwumdlalo wamagoli. Ukuphatha ibhola isikhathi eside akusho lutho uma uzohluleka ukukhanda amagoli. Sihlulekile ukushaya amagoli emidlalweni eyedlule, yingakho sihluleka ukuqoqa amaphuzu,” kubeka uRiveiro ekhuluma nabeSuperSport TV. 

IPirates idonsa kanzima kunombolo 13 kwiligi ngemuva kwemidlalo engu-8. IBucs iqhele ngamaphuzu ayisithupha kwiSpurs ebambe amabhuleki emsileni. IMamelodi Sundowns ibashiya ngamaphuzu angu-15 njengoba iqhwakele esicongweni.