Unozinti weMamelodi Sundowns uRonwen Williams uthi wayefuna ukujoyina leliqembu kuphela yize wayemataniswa ne-Orlando Pirates neKaizer Chiefs.
UWilliams uzitamuzela isikimu kwiSundowns kusukela kuqale imidlalo yeDSTV Premiership neMTN 8.
ISundowns iqhwakele esicongweni seligi, yaphinde yadlulela kuma-semifinals eMTN 8. UWilliams uyinsika yeqembu elingagqobhozeki kalula emuva.
“Angifuni ukubonakala sengathi ngiyadelela kodwa iSundowns yilona iqembu elihamba phambi eNingizimu Afrika.
Bayazenzela kwiligi kuleminyaka elishumi edlule, angeke baphazamiseke okwamanje. Kuyinto eyaziwayo ukuthi bazowina iligi noma indebe njalo ngesizini,” kubeka uWilliams ekhuluma nabeSAFM.