Umqeqeshi weMamelodi Sundowns Ladies uJerry Tshabalala uncome ukuzikhandla kwabadlali ejimini ngemuva kokunenebula iSporting Casablanca ngo 3-0 kowamanqamu weCAF Champions League ngeSonto.
ISundowns ishaye amagoli alishumi kulomqhudelwano, yanqaba nokungenelwa elilodwa igoli.
Amagoli eSundowns ashaywe uRefilwe Tholakele ovalele amabili kanye noBoitumelo Rabale.
EzikaJerry ziqophe umlando ngokuba yiqembu lokuqala elinqobe lomqhudelwano amahlandla amabili kwazise bayiqukula lendebe ngo-2021.
“Asikaze singenelwe yigoli ngesikhathi siwunqoba okokuqala lomqhudelwano. Sikuphindile lokho kulomqhudelwano. Ngijabule ngoba lokho kukhombisa ukuthi liyaqina iqembu.
“Besiwuhlelele lomdlalo. Bengingalindele ukuthi iqembu liqhube umgqigqo eliqale ngawo. Besibafakela ingcindezi esiwombeni sokuqala.
“ICasablanca ifike ku-extra time kwisemifinal, besilinde ukuthi ikhathale emdlalweni. Kusisebenzele ukukhathala kwabo.
“Ukuqhubeka nomoya ophezulu kudalwe ukuthi asiqinisanga kakhulu ejimini ngaphambi komdlalo. Besingaluqinisi unyawo ejimini. Abadlali bebekwazi ukuphumula ngokushesha,” kubeka uTshabalala esekhuluma nabezindaba e-Amadou Gon Coulibaly Stadium.
Masandawana👆 Let’s congratulate Boitumelo Rabale on her Player of the Match award👏🎉#SundownsLadies #CAFWCL pic.twitter.com/ETagiCSJ07
— Mamelodi Sundowns Ladies Team (@SundownsLadies) November 19, 2023
UTshabalala uthi uyibheke ngabomvu indondo yomqeqeshi ovelele kwiCAF aqokwe kuyo.
“Okwesibili ngiqokwa kulendondo. Ngithemba ukuthi ngizoyinqoba kulokhu. Izindondo zilandela ngemuva emsebenzini owenzayo.
Sifuna ukuqhubeka nomgqigqo wethu ngoba kungenzeka iFIFA isikhandele umqhudelwano weClub World Cup,” kuchaza uTshabalala.