Umgadli we-Arsenal uBukayo Saka uthi bayifakele ingcindezi iWest Ham ngemuva kokuyinaka ukuthi ibuthaka.
I-Arsenal ivulele isibhaxu sika 6-0 komkhaya bayo eLondon Olympic Stadium, kwacasuka iningi labalandeli elibaleke sekuphele isiwombe sokuqala.
USaka ushaye igoli lokuqala nelokugcina, amanye ashaywa yizitobha uWilliam Saliba noGabriel.
Lomphumela unciphise igebe ngamaphuzu amabili kwiLiverpool ehleli esicongweni seligi.
Kuyiwe ekhefini amaGunners esho ukuyiqeda iWest Ham ebingaliboni elidlalayo. I-Arsenal ishaye amagoli amane, yageja namanye amathuba.
“Kuyiwe ekhefini sinamagoli amane, besingawashaya namanye. Besinukelwa yigazi namuhla, salwela ukunquma. Sijabule kakhulu ngamagoli esiwashayile,” kuchaza uSaka.
UDeclan Rice, osayinwe esuka kwiWest Ham, naye uzitholele elakhe igoli esiwombeni sesibili.
U-Arteta uthi amaqembu awayiqaphele i-Arsenal ngoba isingenile egiyeni.
“Ngibona iqembu lifuna ukuba ngcono. Indlela esijime ngayo kulelisonto ingikhuthazile. Abadlali abazithwalanga ngemuva komphumela weLiverpool.
Sisefomini enhle neqembu liyatholana enkundleni. Imiphumela iyajabulisa, kufanele siqhubeke nokwenza kahle ngoba kunamanye amaqembu asilandela ngemuva.
“Siyalazi izinga esidlala kulo. Kufanele siligcine lelizinga uma sizimisele ngokuphumelela,” kuchaza u-Arteta.