Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena uthi uncamela umuntu ozomqonda emehlweni amtshele ukuthi uyalizonda iqembu lakhe kunokuthi alincome esidlangalaleni. 

ISundowns ihlule iTP Mazembe ngo 1-0 emdlalweni weCAF Champions League ngoMgqibelo eLucas Masterpieces Moripe. 

Ukunqoba kweDowns kuyibeke esicongweni kuGroup A. Lokhu kuchaza ukuthi iDowns izoqhathwa kuma-quarterfinals nelinye lamaqembu eliqede lilele endaweni yesibili.  

EzikaRulani ziziphindisele kwiMazembe eyabahlula ngo 1-0 eLubumbashi emlenzeni wokuqala. 

Ngaphambi komdlalo, umqeqeshi weMazembe uLamine Ndiaye wancoma iDowns, wayichoma njengeqembu eliphambili kunamanye e-Afrika. 

“Angijwayele ukunconywa, ngiyabaxwayisa nabadlali ngokunconywa ngoba kuyingozi uma unganakile. 

“Abantu bangakuncoma kanti bahlela ukuqeda ngawe. Bazokushayela ihlombe kanti sebeqedile ngawe. Ngincamela abantu abazongiqonda, bengitshele ukuthi bayalizonda iqembu lami. 

Kungcono lokho ngoba ukunconywa kuyakhohlisana. Ubona usuphumelele uma unconywa. Ngibona kungcono ukugxekwa nokuzondwa, lokho kuyangigqugquzela ukuthi ngiphumelele. Ngizokwamukela ukunconywa ngesimilo,” kuchaza uRulani kwabezindaba. 

UPeter Shalulile uvalele igoli leSundowns, okube yiphenathi etholwe uLucas Ribeiro odlaliswe kabi ebhokisini esiwombeni sokuqala. 

“Sichazile ngokubaluleka kokunqoba lomdlalo ngoba sahlulwa emlenzeni wokuqala eLubumbashi yize sadlala kahle. Sense okungcono namuhla. 

“Besiwuphethe umdlalo, bekufanele sishaye inqwaba yamagoli. IMazembe ihlulekile ukukhanda amathuba, akukho engikhalaza ngakho namuhla. 

“Akusiwo umphumela kuphela ongijabulisile kodwa indlela esiphathe ngayo umdlalo ingichazile. Sikhombise ukungasabi, sazifaka engcupheni uma kuphoqa, okuyinto efuneka eqenjini elikhulu. 

“Ngiyajabula ngokuqeda esicongweni, lokho kusinikeza umdlandla njengoba sesingene kuma-quarterfinals,” kuchaza uRulani. 

IDowns izohlaliswa ngokukhethekile namaqembu aqede esicongweni kwamanye amaqoqo okukhona kuwo i-ASEC Mimosas, Al Ahly nePetro de Luanda.