Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena ukujabulele ukushaya iNouadhibou esibayeni sayo ngesikhathi lamaqembu etholana koweCAF Champions League ngoMgqibelo.
IDowns inqobe ngo 2-0 eMauritania, okuwumphumela obadlulisele kuma-quarterfinals eChampions League.
UThembinkosi Lorch ushayele isipikili sokugcina kulomdlalo ebhakuzisa inethi esikhathini esengezwe unompempe. Igoli lokuqala lishaywe uGrant Kekana ngomzuzu ka-16.
IDowns isahlalelwe umqansa wokwamukela iTP Mazembe emdlalweni wokugcina wamaqoqo, okuyiwona ozocacisa ngeqembu elizokhonya kuGroup A.
IMazembe yahlula iSundowns ngo 1-0 emlenzeni wokuqala owawubanjelwe eLubumbashi.
“Besilindele umdlalo onzima, sijimile kulenkundla ngenhloso yokujwayela isimo ngoba ayikho inkundla enotshani bokufakelwa eNingizimu Afrika.
Ilanga liyashisa, nomoya uhambelana nesimo sezulu. Bekungekho lula iNouadhibou iyingozi uma idlala ekhaya. Leliqembu lithole imiphumela emihle lidlala ekhaya neTP Mazembe nePyramids.
Siwutholile umdlalo onzima ebengiwulindele. Badlala ngamandla futhi banodonga oluqinile. Ngithukile namuhla ngoba badlale ngezitobha ezinhlanu emuva,” kuchaza uRulani ekhuluma nezintatheli.
URulani uthi sekufanele balungiselele umdlalo weDSTV Premiership abazowudlala naMaZulu ngoLwesithathu.
“Kufanele sibuyele ekhaya, siyophumula. Ngizowubukela lomdlalo, ngiwuhlaziye. Kusafanele ngilungiselele umdlalo waMaZulu ophakathi nesonto.
Ngizobona okuzokwenzeka uma sesidlala neMazembe kodwa kudingeka siphumule, sizame ukulungiselela umdlalo waMaZulu,” kubeka uRulani.