Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi kumjabulisile ukubona iqembu lakhe lishaya iRoyal AM kwiquarterfinal yeMTN 8 ngoMgqibelo.
IPirates inqobe ngo 2-1 eChartsworth Stadium izolo. Amagoli ashaywe uThabiso Monyane noVincent Pule ngokuhlukana kweziwombe.
Ekhuluma sekuphele umdlalo, uRiveiro uthe ujabule kakhulu ngendlela abadlale ngayo ukudlula umphumela.
“Ngijabule ngendlela esidlale ngayo, ngijabule kakhulu ngomphumela. Sidlale kahle ezikhathini ezehlukene, umdlalo unezigaba ezihlukene, namaqembu abezimisele. Sishaye igoli ngokushesha, okuyinto ebalulekile emidlalweni yomkhumulajezi.
Bekufanele izame ukubuya emdlalweni iRoyal AM. Okubi ukuthi sahluleka ukuqeda ngomdlalo odlule, sahluleka ukusebenzisa amathuba esawakhanda ngoba siyifakele ingcindezi iRoyal AM.
Sithwale kanzima, sangenelwa yigoli elilodwa. Besingakwazi ukulivimba igoli elingenile kodwa ngiyabaxolela abadlali ngoba banemidlalo njalo ezinsukwini ezintathu. Ngiyaziqhenya ngabo,” kubeka lomqeqeshi ecashunwa abeSuperSport TV.
URiveiro ubuzwe ngendlela iBucs edlale ngayo, ikakhulukazi ukufaka ingcindezi kwizitha, okuyinto ekhande igoli lokuqala.
“Igoli lingene ngenxa yotshani kulenkundla, kufanele uqaphele ngempela uma uzodlala amaphasi amancane kulenkundla.
Kwenzekile ezikhathini eziningi, angilibali igoli. Sikwazile ukudlala ngaphandle kokutatazela, saqhelelana nezimo ezisifakele ingcindezi. Sidlale kahle, sitholana enkundleni,” kubeka lomqeqeshi.