Umqeqeshi weTS Galaxy uSead Ramovic usejoyine abanye abaqeqeshi abakhononda ngendlela iPremier Soccer League ehlele ngayo imidlalo kule sizini.

URamovic ukhaliswe ukusondelana kwemidlalo ngaphambi kokulibangisa ePeter Mokaba Stadium beyodlala neSekhukhune United kwiCarling Knockout ngoMgqibelo ebusuku. 

IGalaxy idlulele kumasemifinals eCarling ngesikhathi ishaya iBabina Noko ngo 4-2 sekukhahlelwa amaphenathi. 

IRockets iqale ngokudlala neSuperSport United kwiligi ngoLwesithathu, emdlalweni eyahlulwa kuwo ngo 3-2. 

“Asiqondi ukuthi imidlalo ihlelwa kanjani ngoba sesidlale imidlalo emithathu esikhathini esilingana nesonto. 

Kusifakela ingcindezi ukusondelana kwemidlalo emithathu ezinsukwini eziyisithupha kodwa ngiyaziqhenya ngabadlali bami. 

Akulula ukufaka umoya emdlalweni ofana nalona ngoba sidlale neSuperSport ezinsukwini ezimbili ezedlule. 

Sinombandela wokuqeda kwi-top 8, sizozama ukubuyisa izinduku ngoLwesithathu,” kuchaza uRamovic. 

IGalaxy izokwazi iqembu ezobhekana nalo kwisemifinal uma sekuqhathwa amaqembu eRandburg ngoMsombuluko. Phakathi kwamaqembu asele kukhona iRichards Bay, AmaZulu neStellenbosch. 

“Angeke kube lula ukunqoba lendebe yize sekukhishwe iSundowns, Pirates neChiefs. Kufanele siwahloniphe amaqembu asele ngoba aqinile, yingakho efike kwi-semifinal,” kuchaza uRamovic.