Umqeqeshi weRichards Bay uKaitano Tembo ubonge wanconcoza ngamaphuzu abalulekile abawathole beshaya iCape Town Spurs ngo 1-0 eKing Zwelithini Stadium ngeSonto emini.
Igoli likaThato Mohlamme ngomzuzu ka-72 liweze iNatal Rich Boyz ebinqoba okokuqala ekhaya kulesizini.
IRich Boyz, esahleli kunombolo 14 kwiligi, ivule igebe lamaphuzu ayisithupha kwiSpurs esibambe amabhuleki emsileni.
IBay yayigcine ukuqoqa amaphuzu amathathu ekhaya ibhekene neMoroka Swallows abayihlula ngegoli elilodwa eqandeni ngomhlaka 31 kuDisemba ngonyaka odlule.
“Abalulekile kakhulu lamaphuzu. Ukunqoba kuzobuyisa ukuzethemba kubadlali. Kuyenzeka abadlali baphelelwe ukuzethemba uma bengayinqobi imidlalo esekhaya ngoba kungomunye umqansa ukuqoqa amaphuzu ekuhambeni.
Lamaphuzu azokhuphula ukuzethemba uma sidlala ekhaya,” kuchaza lomqeqeshi ekhuluma nabeSuperSport TV.
UVusumuzi Vilakazi oseqokwe njengephini likamqeqeshi kwiBay ubekhona enkundleni ezobukela lomdlalo.
UTembo uthe bekubalulekile ukushaya iSpurs ngoba kubavulele isikhala sokuphefumula empini yezembe.
“Bekubalulekile ukunqoba ukuze iSpurs sizohlala endaweni yezembe. Sizakhele ithuba lokukhuphuka kwiligi.
Kufanele siqinise ingcindezi eqenjini elihleli ngaphezulu ukuze sizokhuphuka. Ukuvula igebe lamaphuzu ayisithupha kusinika isikhala sokugaya eminye imiphumela,” kuchaza uTembo.
IBay izolinda ukuphela kwekhefu leFIFA ngaphambi kokubhekana ne-Orlando Pirates emdlalweni weligi ngomhlaka 25 kuNovemba.