Umqeqeshi obambile kwiSwallows uMusa Nyatama usebongele umgadli uMwape Musonda otakule iqembu kunzima linqoba kwiSekhukhune ngo 2-1 emdlalweni weDSTV Premiership eDobsonville Stadium ngoLwesithathu.
UMusonda ushaye amagoli amabili eziwombeni ezahlukene, iSwallows ilandela ngemuva emdlalweni.
UNyatama ukholwa ukuthi amagoli azobuyisa ukuzethemba kuMusonda.
“Umdlalo ubunzima kakhulu, bekufanele sibuye emdlalweni ekubeni besilandela ngemuva. Ngiyaziqhenya ngabadlali. Bazikhandlile abadlali ngokunqoba. Ngiyamjabulela UMusonda ngokushaya amagoli amabili.
UMusonda ubengakanethezeki eqenjini njengoba elimalile komunye umdlalo, kwaphoqa ukuthi zimdedele ekhempini. Ngiyajabula ngamagoli awashayile ngoba azobuyisa ukuzethemba kuyena.
UNyatama ushayele umqeqeshi uDylan Kerr ihlombe ngokuwina kweqembu.
“Mina ngisiza iqembu, amaphuzu amathathu ngiwanikeza umqeqeshi. Usalungisa indaba yamaphepha okusebenza kanye nokusiza abadlali enkundleni, uyamemeza engaphandle,” kubeka lomqeqeshi.