Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uthi uzoqhubeka nokudlalisa uMothobi Mvala endaweni yezitobha njengoba beshoda kuleyondawo.
UMvala udlale emuva bebhekene neChippa United, nasemdlalweni olandelayo weGolden Arrows.
“UMvala uzoqhubeka nokudlala emuva, yilokho ebesivele simhlelele khona siyithimba labaqeqeshi. Ngesikhathi simsayinisa uMvala, besicabanga ngezindawo angazidlala. Besimbheke ukuthi adlale emuva, aphinde adlale esiswini.
Sigcwele kakhulu esiswini, kunezinkinga esibhekene nazo emuva, uMvala ungumdlali esingakwazi ukumsebenzisa,” kubeka uMngqithi.