Umdlali weMamelodi Sundowns uKhuliso Mudau uthi kungamampunge okukhulunywe umqeqeshi weTS Galaxy uSead Ramovic ngaye kwabezindaba.
Esithangamini nabezindaba ngoLwesine oludlule, uRamovic wadalula ukuthi uMudau wambuza ukuthi uzomsayina nini kwiGalaxy, wabuza nokuthi ubanga ini noRulani Mokoena ongumqeqeshi weSundowns.
URamovic wayedinwe egane unwabu kulenkomfa nabezindaba, wagonyuluka nokuthi uRulani wamchapha ngenhlamba ngosuku ayemfonele ngalo, waphika ukuthi sebaxolelana.
UMudau uthi akazange acele ukusayiniswa yilomqeqeshi.
“URulani nami siyalazi iqiniso. Yilokho engizokuchaza manje. Angifuni ukuphawula kakhulu ngaloludaba. Awucabange nje (ephendula eyokujoyina iGalaxy), ngijabule kwiSundowns.
Ngisaxinwe ukulimala okwamanje, ngibheke ukululama kuqala. Ngizobuya sengiwumqemane. Anginalo ulwazi ngesikhathi engizosihlala ngingadlaliz kodwa kusekude ngibuye,” kuchaza uMudau ekhuluma nabezindaba eRandburg ngoMsombuluko ngemuva kokuqhathwa kwamaqembu abezotholana kwi-last 16 yeNedbank Cup.
IDowns izodlala ekhaya neMaritzburg abaqhathwe nayo kwi-last 16 yeKe Yona.
UMudau uthi bahlele ukushanela zonke izindebe ezisele kulesizini.
“Ngibona sizobhekana nobunzima kulomdlalo. Sizodlala phambi kwabalandeli bethu, kufanele siqinisekise ukuthi sizodlulela emzuliswaneni olandelayo.
Wonke amaqembu alwela ukusihlula. Ukudlala ekhaya kuyaphoqa ukuthi sijabulise abalandeli bethu. Bazonyukelwa ukuzethemba ngokuzodlala neSundowns, kufanele sidlulele emzuliswaneni olandelayo.
Sifuna ukunqoba yonke imidlalo esele. Akwenzeki siyibukele phansi imidlalo kwiSundowns, sifuna ukunqoba ngisho sidlala emidlalweni yesihle. Silandela umqeqeshi ngoba uyena ogcizelela ukuthi siqhubeke nokuwina,” kubeka uMudau.