UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, usefonqe isigqoko waxolisa kumalungu enyunyana eNational Education, Health and Allied Workers’ Union (Nehawu) ngenkulumo eyalumela ayeyibhekise kuwo ngesikhathi ekhuluma emcimbini owawuseKokstad nonyaka.

UMtolo wakhuluma wangawabala amagama, esola amalungu alenyunyana ngokudlala indima enkulu ekuphazamiseni ukusebenza ezikhungweni zikahulumeni, abala kuzo uMnyango wezaseKhaya noMnyango neSouth African Social Security Agency (SASSA). 

UNobhala-Jikelele we-ANC kuzwelonke uMnuz Fikile Mbalula ubambe umhlangano nabaholi beNehawu neCosatu ngoMsombuluko, kwaphakanyiswa ukuthi uMtolo akawaxolisele amagama akhe alumelayo.

Esitatimendeni esikhishwe ngoLwesibili, uMtolo uvumile ukuthi inkulumo yakhe idale ukungathembani nokuqophisana okungenasidingo phakathi kwe-ANC eKZN neNehawu. 

“Ngjyaxolisa ngokungenambandela kwiNehawu, ubuholi namalungu enyunyana. Ngiyayihoxisa inkulumo yami edale ukungathembani nochuku olungenasidingo.” 

UMtolo uthi inkulumo yakhe ibisuselwa ekugxekweni kukaKhongolose njengoba usiyingxenye kahulumeni obambisene (GNU). 

UMtolo uthi uMbalula ukhuze umoya wokuhluleka ukwamukela ukugxekwa kubaholi be-ANC.