Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro usehlalele ethembeni lokuthi uNkosinathi Sibisi noTapelo Xoki bazobuya ngempelasonto emdlalweni weMTN 8 neRoyal AM.

UXoki noSibisi bangqubuzene kabuhlungu bebanga ibhola emdlalweni weDSTV Premiership beshaya iMarumo Gallants ngo 1-0 izolo. Isigameko senzeke esiwombeni sesibili.

Abanye abadlali beBucs uGoodman Mosele noBienvenu Eva Nga bamgqubuzene ngamakhanda nabo kodwa baqhubeka nokudlala.

IBucs inqobe ngegoli likaPaseko Mako elingene ngomzuzu wesithathu.

URiveiro uthi uXoki noSibisi baqulekile ngemuva kokungqubuzana ngamakhanda, angeke akwazi ukukhipha imininingwane eqondile ngesimo sabo ngaphambi komdlalo weMTN 8 ngempelasonto.

Uthi ugcine ekwazile ukukhuluma nabo abadlali.

“Isimo sibucayi eqenjini ngoba kunezigameko ezenzekile namuhla. USibisi noXoki bashayisane ngamakhanda.

Ngisho uMosele no-Eva Nga bashayisene kabi, noShandu ulimalile. Kunzima ukukhipha imininingwane. Sidlale kahle namuhla ukuze sinqobe. Bonke abadlali bazimiselile, kuyinto ejwayelekile ukuthi abadlali bakhale ngokulimala.

Kusele izinsuku ezimbili zokulungiselela imid ngaphambi kokulibangisa eThekwini. Angeke ngikhulume manje kodwa ngithemba ukuhamba nesikwati esiphelele emdlalweni weMTN 8 ngempelasonto.

Nginethemba elikhulu ngoba ngikhulumile noSibisi noXoki,” kubeka lomqeqeshi.

URiveiro akafunanga ukuphawula kakhulu ngoThembinkosi Lorch noThabiso Monyane abathinteka emdlalweni weSuperSport United.

“Bebengalungele ukudlala namuhla, kodwa ngithemba ukuthi bazobuya emdlalweni olandelayo. Ngiyathemba sizohamba nabo,” kubeka lomqeqeshi.

IBucs izobhekana neThwihli Thwahla emdlalweni weMTN 8 ngoMgqibelo eChartsworth Stadium. Umdlalo uzoqala ngehora lesithupha.