Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uthi kunokugagamela phakathi ukumsola ngokushintsha isitayela esasithandwa owayeyinhloko yabaqeqeshi ngesizini edlule uRulani Mokwena.

ISundowns iphinde yagadla ngebhola elinesivinini ihlula iKaizer Chiefs ngo 2-1 emdlalweni weBetway Premiership obuthanyelwe izinkumbi zabalandeli abangu-75,000 eFNB Stadium ngoMgqibelo.

Lomphumela ubuyisele iSundowns esicongweni seligi njengoba isiqoqe amaphuzu angu-9 emidlalweni emithathu.

Ebuzwa ngesitayela asikhuthazile kubadlali esokuhlasela ngesivinini, uMngqithi uthe unongile kuphela esitayeleni sikaRulani.

“Kunokugagamela ukuthi ngishintshe izinto ebezenziwa uRulani, sinongile kulokhu obekukhona eqenjini. Kuyenzeka abantu baphawule ekubeni bengabuzanga, bagcina sebekhuluma ngeqholo ngezinto abangazazi nhlobo.

“Iqiniso ukuthi besifuna ukushintsha isivinini ebholeni esilidlalayo ngoba besinenkinga yokuhlasela ngokushesha. Besingakwazi nokuhlasela ngokuzumisa, besingenabo abadlali ezimpondweni. Ngibone kufanele ukuthi silungise kulezondawo ukuze sizophumelela njengamanye amaqembu,” kusho uMngqithi ekhuluma nabezindaba.

IChiefs ihambe phambili ngegoli likaRanga Chivaviro elingene ngomzuzu ka-8, kodwa iDowns ishintshe umshovo ishaya amagoli amabili kungakayiwa nasekhefini. U-Iqraam Rayners noLucas Ribeiro bashaye amagoli eDowns. 

UMngqithi uthi iminyaka aseyihlale kwiDowns imbonise konke obekufanele kunongwe.

“Kunenqwaba yabantu abathanda ukuphawula ngezinto abangazazi. Angeke babuze ukuze bezophenduleka kodwa bathanda ukuphawula. Akukho engikushintshile eqenjini.

“Ngineminyaka eminingi ngiqeqesha leliqembu, ngiyazazi izindawo ebezidinga ukulungiswa nezinye ebezishoda. Ngizoncoma nomsebenzi omuhle owenziwe umqeqeshi ongasekho. URulani wenze umsebenzi oncomekayo, ophakamise iqembu. 

“Bengizozishintsha izinto ngizenze ngendlela yami ukube ngingumuntu ogagamelayo, ongafuni ukulalelwa noyisilima. Angiyena umuntu owenza kanjalo, kungimangazile ukuzwa izinto ebezikhulunywa ngami,” kusho uMngqithi.