Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi ufuna abadlali bakhe bengayibukeli phansi iSekhukhune United eqale isizini ngenothi eliphansi yize bekulindelwe okukhulu kuyo njengoba isayinise abagadli abanohlonze.
Lamaqembu azotholana emdlalweni weDSTV Premiership ePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo ngehora lesithathu emini.
UMngqithi ubona iBabina Noko iyiqembu eliqinile, elingakwazi ukushintsha umdlalo ngokuphazima kweso uma uzolithatha kancane.
ISundowns iza kulomdlalo ihambela phezulu ngemuva kokushaya izimbangi iKaizer Chiefs ngo 4-0 emdlalweni odlule. ISekhukhune ishaywe iRichards Bay ngo 1-0 emdlalweni wokugcina.
“Yebo abayiqalanga kahle isizini, badlala kahle bebhekene neRichards Bay, kwakufanele bashaye amagoli amahlanu kuya phezulu.
Bathola amaphuzu amahle emdlalweni, angeke sibabukele phansi. Basebenza ngokuzikhandla futhi bahlome ngabagadli abasatshwayo ezweni uLetsoalo (Victor) noMabasa (Tshegofatso Mabasa). Bayafika ebhokisini, bagoba amabhola ngokuphindelela, okuyinto edlala izinkinga.
Okubi nje ukuthi abawashayi amagoli amaningi njengoba bekhanda amathuba. Kufanele sibaqaphe abadlali neSekhukhune ngoba bayiqembu eliqinile,” kubeka lomqeqeshi.
Umqeqeshi weSekhukhune uKaitano Tembo uthi sebefuna ukubuyisa izinduku ngokushaya iDowns.
“Sihluliwe emdlalweni odlule sibhekene neRichards Bay, sifuna ukubuya ngamandla uma sesidlala neSundowns. ISundowns iyiqembu elihle, kufanele siyihloniphe kodwa singayesabi. Sineqembu elihle kakhulu kodwa kusadingeka sihlangane enkundleni.
Abadlali bakhona kodwa asibumbene njengeqembu ngenxa yokungatholani kahle enkundleni. Abadlali bakhombisa intshisekelo enkulu. Sengilindele umdlalo osezingeni.
Sifuna ukukhohlwa ngomdlali odlule, sithole imiphumela emihle ukuze sizokhuphuka kwiligi.