Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uthi kuzosiphuka izidindi eMorocco uma ezakhe sezitholene ne-AS FAR Rabat koweCAF Champions League, e-El Jadida, ngoMgqibelo.
IBafana Ba Style yaphoxeka emdlalweni wokuqala wamaqoqo ibuya nephuzu elilodwa ibhekene ne-AS Maniema Union eLoftus Versfeld.
I-AS FAR yavula kahle kweyamaqoqo ihlula omkhaya iRaja Casablanca ngo 2-0.
IDowns yathwala kanzima itholene neManiema eyapaka ibhasi, yagoloza nokubonisa osokhaya ipali.
UMngqithi ubona i-AS FAR izophumela esitikini ngenxa yophawini ezowuthola kubalandeli bayo abazotheleka ngobuningi enkundleni.
“Sizotholana neqembu elihle laseMorocco. I-AS FAR idlondlobalile kuleminyaka emithathu edlule uma uyibukela eduze. Ngifuna ukubona indlela abazohlela ngayo uma sebedlala. Thina sinesitayela esingasoze sasishintsha noma kusinda umdlalo.
“Kuyashuba uma ubhekene namaqembu azogoloza, ayekele zithengane ensimini. Amaqembu aseNorth Afrika awajwayele ukupaka ibhasi, akuqonda ngqo ngoba anethemba lokuthi azokuhlula esibayeni sawo esisuke sigcwele abalandeli,” kusho uMngqithi ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo weChampions League neManiema.
UMngqithi uthi izonqaba ukuhlehla i-AS FAR njengoba izoqala ekhaya.
“Amaqembu aseNorth Afrika anophafa uma edlala ekhaya. Agijimela ukuthola amagoli ngokushesha. Bashintsha indlela yokudlala uma bedlala ekuhambeni. Bangenwa ubugwala, bapake ibhasi ngenhloso yokuhlasela yokuzumisa. Kubalulekile ukuqaphela yonke imininingwane ngaphambi komdlalo.
“Bengilokhu ngiyihlaziya i-AS FAR, ngiyibuka izindawo ezibuthaka neziyingozi. Ngibona sizothola umdlalo onzima,” kubeka uMngqithi.